Uzinikele emaphoyiseni osolwa ngokubulala kubangwa abadlali

2016-12-12 07:47

Burgersfort – Umsolwa onukwa ngelokubulala owesilisa ngemuva kokuqubuka kwengxabano ebingabadlali bebhola eKgautswane Village ngaphandle kwaseBurgersfort ngoMgqibelo ebusuku uzinikele emaphoyiseni.

NgeSonto ntambama okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe uthe umsolwa, obalekile endaweni yesehlakalo ngemuva kwesigameko, uzinikele emphoyiseni aseLeboeng.

Amaphoyisa abeseqalise uhlelo lokumthungatha.

OLUNYE UDABA: Kuzofakwa amakhamera ehostela elidume ngodlame

Umsolwa, okukholakala ukuthi ungusomabhizinisi oqavile, kuthiwa udubule isisulu amahlandla amaningi, kusho uNgoepe.

"Imbangela yokubulala ibingakaqinisekiswa kodwa uphenyo lwesikhashana luveza ukuthi laba babe nengxabano ngabadlali bebhola…bobabili banamaqembu ebhola,” kusho yena.

Isisulu sishonele esibhedlela sisanda kungeniswa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.