Uziphose emfuleni washona uthishomkhulu 'obehlukunyezwa othisha' eMzimkhulu

2017-10-26 16:00

eMzimkhulu - Kusolwa uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngokudembesela ekuxazululeni udaba lukathishanhloko wasePetros Jozana Secondary School, eMzimkhulu, ogcine eziphose emfuleni ngesonto eledlule.

Umphakathi wakule ndawo okubikwa ukuthi bewudinwe ugane unwabu ngoMsombuluko, ukhethe ukusivala thanqa lesi sikole obekuphethe kusona, uBhekithemba Ngubo, 39, ofihlwe ngempelasonto edlule emuva kokutholakala kwesidumbu sakhe sesonakele emuva kwezinsuku eziyisihlanu enyamalele.

ILANGA lincinzwe indlebe yimithombo yalo engaphakathi kulesi sikole ngoMsombuluko ekuseni njengoba othisha nabafundi bengakwazanga ukungena ngokukhululeka kwazise amalunga omphakathi abevale ngezingidi nangamaketango ethi kakudluli muntu.

Kuthiwa umphakathi ucasulwe yisenzo sothishelakazi ababili okuthiwa ububamemeza ngamagama uthi kawubafuni nokubabona emagcekeni alesi sikole ngoba usola ukuthi yibona ababe nesandla esikhulu ekufeni kukaNgubo azibulale.

"Kuliqiniso elingephikwe ukuthi umnyango bewazi ukuthi uNgubo akahleli kahle lapha njengoba nabahloli beke bafika kunophenyo obelwenziwa. Nakhona kutholakale ukuthi uNgubo ubebhecwa ngobubende inyama engayidlanga kodwa umnyango wangathatha izinqumo ezeseka yena,” kusho umthombo.

Uthi kulesi sikole bekuhlale kunezinxushunxhushu futhi kwaziwa ukuthi abaphembi balowo mlilo yila mathishelakazi amabili njengoba kuthiwa omunye wabo ubegaqele isikhundla sikaMnu Ngubo.

OLUNYE UDABA:Uthishanhloko ‘uphoqe’ abafundi ukuba babikele abazali ukuthi bayizitabane

ILANGA lithole ukuthi kuke kwaba nomzali ofake isikhalo eMnyangweni wezeMfundo ngokungagculiseki kwabazali ngoNgubo.

"Lowo mzali ubehlohlwa yilabo thisha ababili, lokho nje yinto eyaziwayo. Lo mzali ukhale ngokuthi uNgubo ubabiza ngamaqaba athi kabafundile, okuyinto ebeyingelona nhlobo iqiniso," kusho lo mthombo.

Ilunga lomndeni kaNgubo, elicele ukuba igama lalo ligodlwe, lithe nabo njengomndeni basola kakhulu uMnyango wezeMfundo ngokumyekelela nangokuphinde udembesele noma sekuvezwa ukuthi akahleli kahle ngenxa yalabo thisha ababili abebemhlukumeza.

ILANGA lithole nokuthi kunezinsolo zokuthi labo thishelakazi bebemsebenzisela imithi uNgubo njengoba kuthiwa ubethi kuba buhlungu izinqa uma ehlala esihlalweni sakhe emsebenzini.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo kwaZul-Natal, uKwazi Mthethwa, uthe njengoMnyango bazwelana kakhulu nomndeni nesifunda okwenzeke kusona lesi sigameko.

"Esizokwenza wukuphenya kabanzi ngalokhu okuthiwa kwenzekile ngaphambi kokuba sikhulume ngakho ngoba uma kunomuntu oze washona, kumele sikulandelelele lokho. Njengamanje sicela umphakathi wehlise amaphaphu usinike ithuba lokukhuluma nezikhulu zethu sithole ukuthi kwenzekani,” kusho yena. 



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.