Uziqhathe ne-DA uDe Lille ngokukhuluma kowokukhumbula uMadikizela-Mandela

2018-04-12 11:00

Cape Town – UMeya waseKapa uPatricia de Lille kuzodingeka achazele izikhulu zakhe kwiDemocratic Alliance ukuthi kungani ebeyingxenye yomcimbi we-Economic Freedom Fighters wokukhumbula uWinnie Madikizela Mandela engabatshelanga.

Izikhulu ze-DA zimangalile ngesikhathi kuvela ukuthi uDe Lille ungesinye sezikhulumi kulo mcimbi obungoLwesithathu.

UDe Lille wamukelwe ngemfudumalo ngabaholi be-EFF nabalandeli ngesikhathi efika enkonzweni yesikhumbuzo eBrandfort eFree State.

OLUNYE UDABA: Umkhandlu nesu lokuphehla indle ukukhiqiza i-biogas

Kwenzeka lokhu nje, uMeya uDe Lille ne-DA banokungaboni ngasolinye, njengoba isifuna ukumkhipha esikhundleni seMeya imsola ngokufaka inhlangano ehlazweni kulandela izinsolo zokungaphathi ngendlela efanele.

Ukubonakala kwakhe ne-EFF kungase kushubise ubudlelwane, njengoba inhlangano isimyalele ukuba aphendule mayelana nokuthi kungani engayazisanga ngalokhu.

Ihhovisi lemeya lithi uDe Lille ubemenywe umndeni kaMadikizela-Mandela. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.