Uzithele isibhaxu izikhulu umnikazi weMax's Lifestyle

2017-04-16 15:29

Durban - Ukhwele wadilika kwizikhulu zikahulumeni athi zibamba ngophondo intuthuko yabamnyama umnikazi wendawo yentokozo esiyaziwa umhlaba wonke iMax's Lifestyle uMax Mqadi.

Le ndawo eseMlazi esineminyaka eyi-18 yasungulwa, isanda kuvela ohlwini lwezindawo zokudla ezihamba phambili emhlabeni jikelele, iqenqeleza phambili ezwenikazi i-Africa yazuza nendondo ye-The Best Restaurant.

UMqadi ubekhuluma kwethulwa indawo entsha kuleli gceke lakhe elisanda kunwetshwa yokuphola nokuwasha izimoto esezingeni eliphezulu.

OLUNYE UDABA:Intandokazi yomculi Eyadini Lounge

Ukhwela edilika nje, kukhona noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal uSihle Zikalala nezikhulu zoMnyango wezokuvasha kumasipala iTheku.

Bekulindeleke kube khona neMeya yaleli dolobha, uZandile Gumede kodwa obengabonwa nangokhalo nokuyinto engasamangazi emicimbini asuke elindelwe kuyo.

UMqadi uthi kunabathile kuhulumeni abadonsa izinyawo uma kumele kuthuthukiswe abamnyama njengoba kuyimanje uhulumeni umapeketwane ngenxa yomgomo we-Radical Economic Transformation.

"Angazi ukuthi yini le okuliwa nayo uma umnotho sekumele unikelwe kwabamnyama ngale-radical economic transformation.

"Kune-mfundisoze nje yezinye izinhlanga, abantu abamnyama abamunci amagazi abanye . Umcimbi wokuqala omkhulu obukele ndawo bekungoweSiyanqoba Rally kusaphushwa indaba kaMengameli uZuma.

"OZizi Kodwa noFikile Mbalula bebehlala la uma befika eThekwini, isabheda nale ndawo inamathoyilethe amabili nje. NoMalema ufakwe yibo la nokwenze le ndawo yagcina ibukeka njengendawo yentsha ye-ANC.

"Umuntu owangivula amehlo kulowo mcimbi ngubaba uCyril Ramaphosa nowathi kimina kumele ngibe phambili ngoba yindawo yami le.

"Okungiphatha kabi wukuthi nakuba isithuthuke kangaka le ndawo, yamela iTheku emhlabeni kodwa ngisenezingqinamba ezingaxazululeki. Abantu bamazwe omhlaba uma beseThekwini bafuna ukuza eMax's. Ngacela ukulungisa indaba yama-parking kudala kusaphethe uSuttcliff kumasipala nowaze wathumela abantu ukuzohlola indawo kodwa kuze kube namuhla akukaze kwenzeke lutho. Wahamba nini nje eThekwini?

"Sikhuluma nje sekwakhiwe inqwaba yenxanxathela yezitolo phambi kwami okuyiPhilani naKwaMnyandu kodwa mina ngisalwa eyama-parking. Ezobani lezi zitolo? La nje kamakhelwane kuneSulumane elakhayo kodwa angikakawutholi mina umyalelo ngama-parking.

"Ngisezinhlelweni zokwakha ihhotela la ngemuva, hhayi iB&B kodwa iBoutique Hotel kodwa nakhona ngiyavimbeka. Kangifuni imali kubona kodwa ngifuna imigudu okumele ngiyilandele ngoba ulwazi kasinalo singabantu abamnyama.

"Namanje ngisazama ukuqonda ukuthi uma kuthiwa uMax akasuswe la kusuke kuqondwe ukuthini ngoba sayilandela yonke imigomo, lasayina ibandla nomakhelwane.

"EGoli nje izivakashi zigcwele elokishini ngoba baqhakambisa i-domestic tourism kodwa la eThekwini sisalwa nje indaba yokulungiswa kwalo mgwaqo. Kade ngayikhuluma njalo indaba yawo,"kusho uMqadi egadla ephindelela ezikhulwini.

Ubonge wanconcoza kuPhillip Sithole ophethe ezokuvakasha kumasipala ngokuqhakambisa ukuhanjelwa kwamalokishi uma kunemicimbi abayixhasile.

Uphethe ngelokuthi uyamthemba kodwa uNgqongqoshe uZikalala neMeya uGumede ukuthi bazomlekelela kulezi zikhalo zakhe zeminyakanyaka.

UZikalala uthe nakuba kuyinto eyaziwayo ukuthi amalokishi ayakhelwe ukuxosha abamnyama eduze kwezizinda zomnotho kodwa manje inhloso wukuwathuthukisa, encoma noMqadi ngegalelo lakhe kulokhu.

Uthe njengoba kuza nezinhlelo ezinkulu njenge-World Economic Forum Africa ekuqaleni kukaNhlaba (May), ne-Tourism Indaba akumele zisale ngaphandle izindawo ezifana noMax's Lifestyle

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.