Uzobekwa ekhaya lakhe lokugcina namhlanje uZola Skweyiya

2018-04-21 08:44

Lowo obengumakadebona we-ANC, uZola Skweyiya, uzobekwa ekhaya lakhe lokugcina ngoMgqibelo ePretoria East Cemetery, kusho i-Inter-Ministerial Committee (IMC) ngoLwesihlanu. 

Inkonzo yomngcwabo izobanjelwa eChristian Revival Church, kusho okhulumela leli komidi uPhumla Williams esitatimendeni.

USkweyiya udlule emhlabeni eneminyaka engu-75 ubudala, uficwa wukufa nje ubesesibhedlela iKloof Hospital, ePitoli, ngomhlaka-11 Epreli.

UWilliams uthe uhlelo olusemthethweni luzoqala ngo-08:30 kanti labo abafisa ukuphelezela lesi sishoshovu somzabalazo bamukelekile.

OLUNYE UDABA: Uzongcwatshwa ngokohlelo lukahulumeni uSkweyiya

UMengameli Cyril Ramaphosa wamemezela ukuthi uSkweyiya anikezwe umngcwabo okhethekile okuSpecial Official Funeral Category 1, obandakanya nokuhlonishwa kwezombutho wezempi, esho.

"Njengoba umengameli akhipha lo myalelo, kusho ukuthi amafulegi asezikhungweni zaseNingizimu Afrika naphesheya abendizela phansi sonke lesi sikhathi okutshengisa ukuthi izwe lizilile."

Esitatimendeni sangoLwesihlanu, iPortfolio Committee on Social Development izwakalise ukuthi idumele ngokudlula emhlabeni kukalo makadebona womzabalazo.

USkweyiya waba nguNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi ngo-1994 kwathi ngo-1999 wangena kwezokuThuthukiswa koMphakathi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.