Uzobekwa ekhaya lakhe lokugcina uThembisile Yende

2017-06-03 11:01

Johannesburg – UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eGauteng uSizakele Nkosi-Malobane uzobe eyingxenye yalabo abazobe behambele umngcwabo kaThembisile Lucia Yende, 29, ngoMgqibelo.

UYende watholakala ehhovisi lakhe elalikhiyiwe kwa-Eskom ngoMsombuluko kulandela ukuthi izisebenzi zizwe iphunga elingelihle liqhamuka ngakhona.

Lo wesifazane kwabikwa ukuthi udukile ngomhlaka-17 Meyi.

Umfowabo, uMboneni Yende, uthe kunzima emndenini ukwamukela indlela udadewabo ashone ngayo futhi uphoxekile ngendlela u-Eskom olusingathe ngayo lolu daba.

OLUNYE UDABA: 'Abakwa-Eskom bambulele udadewethu'

“Ngesikhathi siqala simthungatha, asizange sithole sizo oluvela kwa-Eskom. Kuze kube yimanje u-Eskom akaze asilule isandla,” esho.

Ngesikhathi kubuzwa ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi kungabi khona muntu oqaphelayo ukuthi ihhovisi likaYende solokhu lakhiywa ngemuva kokuduka kwakhe, okhulumela u-Eskom uKhulu Phasiwe wathi: “Ihhovisi lakhe lisendaweni eqhelile.”

"Lingaphandle kwaseSprings. Alifani namahhovisi ajwayelekile okuphithiza abantu kuwo zonke izinsuku.”

UNkosi-Malobane kulindeleke ukuba eseke umndeni njengengxenye yomkhankaso woMnyango wakhe wokulwisana nodlame.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.