Uzobolela ejele owabulala ingane yentombi yakhe

2018-05-04 19:21

Owesilisa waseKapa owabulala ngesihluku ingane yentombi yakhe eyayinezinyanga ezingu-16 izelwe, ugwetshwe okungenani iminyaka engu-25 ejele yiNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.

IJaji uMushtak Parker ngoLwesihlanu uthe umbulali uPieter Van Tonder uyingozi kwabanye, futhi umphakathi kumele uvikelwe kuye.

"Isihluku asisebenzisa siyababazisa," kusho uParker.

Ijaji linanele ngokuthi uVan Tonder kumele agqunywe ejele bese kulahlwe isikhiye olwandle, yena aze abuyele ejele ngemuva kweminyaka engu-25 - okuyilapho inkantolo eyonquma khona ukuthi usengahlunyeleliswa yini isimilo bese kubuyekezwa isigwebo sakhe.

OLUNYE UDABA: Uzogwetshwa olahlwe elokubulala ingane yentombi

UVan Tonder walahlwa yicala lokubulala indodakazi yowayeyintombi yakhe, u-Asheeqah Scott, ngonyaka owedlule.

Kuthiwa le ngane yagaklazwa kanzima ezindongeni naphansi, yashiswa yaphinde yashaywa yaze yaphuma umphefumulo, ngemuva kokuthi uVan Tonder avuka umbhejazane ngemuva kokucikwa ngowayeyintombi yakhe.

Kuthiwa lo mlisa wacikwa wukuthi umama wengane wathatha isikhathi eside ukulanda ingane. Kuphinde kwavela nokuthi wayecikwe nayisigameko sokugqekezelwa emzini wakhe, nanokuthi nabazali bakhe bamcika ngokumthuma.

UVan Tonder uthi wayedle izidakamizwa ngesikhathi sesigameko esenzeka ngoSepthemba 2016.

Evuma icala, wachazela inkantolo ukuthi wayegade le ngane umama wayo eyowasha, wabe eseya ezitolo. Uthi kwamcika ukubambezeka kukamama wengane engasabuyi.

Udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.