Uzobolela ejele owesimame owavikela umlisa owayedlwengula ingane yakhe

2018-04-12 18:02

eGoli - Owesimame owavikela owesilisa owayedlwengula indodakazi yakhe enezinyanga ezimbili ugwetshwe udilikajele.

"Lesi yisigameko esihluke kakhulu lapho umama evikela umsolwa owenze icala elingamanyala esikhundleni sokuvikela ingane yakhe.

"Ngisho engahlukaniswa nomndeni wakhe iminyaka enu-25 ejeziselwa leli cala,"kusho iBamba leJaji eNkantolo eNkulu yaseGoli uCarla van Veenendal ngaphambi kokukhipha isigwebo sakhe.

Lo mama oneminyaka engu-29 ubudala ogama lakhe lingeke lidalulwe ukuze kuvukelwe ingane yakhe ugwetshwe udilikajele.

OLUNYE UDABA:Kubulawe indoda kwalimala umfana, 3, kwesokudubula eGoli

Kuthiwa ngoNovemba 2016, ingane yakhe yadlwengulwa kabi kangangokuthi yacishe yafa. 

Kwadingeka ukuba le ngane ihlinzwe ukuze kulungiswe umonakalo odaleke emzimbeni wayo ngoba yayisasencane.

Ekuwaleni, kwakuphuma isidoda enganeni kodwa kungaqondakali ukuthi singesikabani.

Lo mama waphika wama entabeni ngokuthi ingane yakhe idlwenguliwe ethi yawa embhedeni yalimala.

Konke lokhu ayekuchaza kwakungayiphenduli emibuzo yokuthi pho ingane ilimale kanjani esithweni sangasese.

Leli jaji lithola ukuthi lo mama akanakho ukuzisola kanye nokufuna uxolo ngalokhu okwenzeka, kubika iSowetan.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.