Uzobuyela ebholeni ngemuva kokunqoba impi yezidakamizwa owayedlala ku-PSL

2017-11-01 15:59

Cape Town - Lowo owayengaconsi phansi ngezinsuku zakhe esalihlikihla ku-PSL, uJunaid Hartley, kubikwa ukuthi uzimisele ngokubuyela ebholeni ngokuthi aqeqeshe emazingeni aphansi.

Lokhu kungemuva kokunqoba kwakhe impi yezidakamizwa.

Ngokusho kombiko weSunday World, uHartley, 39, ulolonga ebholeni lama-amisha e-Education Through Soccer Academy (ETSA) eRuimsig, eGoli.

UHartley, ubecwile ezidakamizweni zohlobo lwe-crystal meth kusukela abeka amakhokho ethala ngo-2007, kuthiwa manje sekuphele izinyanga eziyishumi engazisebenzisa izidakamizwa.

Lo mdlali owake waliteka kuBafana Bafana uthe ukuqeqesha yindlela yokubuyisela emphakathini kulandela iminyaka ecwile ezidakamizweni nokuyinto emlimaze kakhulu yena uqobo kanye naphila nabo.

OLUNYE UDABA: Owayedlala ku-PSL ubhadle ejele ngelokudlwengula

"Kube wuhambo olude kepha ngibe nenhlanhla ngathola abantu abazongibonisa indlela e-ETSA," kusho uHartley, ongowokudabuka eKapa.

"Ukuba lana nokuzibandakanya ekuqeqesheni kungisize kakhulu mina uqobo. Bekumele ngidlule kulezi zinto engidlule kuzo ukuze ngizokwazi ukubonga izinto ezincane empilweni.

"Ngiyakhuleka ukuthi ngingawi endleleni. Ngiyethemba ukuthi konke kuzohamba kahle. Kubo bonke engabaphatha kabi ngesikhathi ngisadla izidakamizwa, ngicela ningixolele."

Ngezinsuku zakhe uHarley wadlalela amaqembu afana neVitoria Setubal yasePortugal, iLens of France kanjalo neSeven Stars, i-Orlando Pirates, iMoroka Swallows, i-Ajax Cape Town neMaritzburg United, wagcina ngeSarawak yaseMalaysia ngaphambi kokubeka amakhokho ethala.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.