Uzobuyela enkantolo ngelizayo osolwa ngokubulala owakuleli eMautitius

2017-08-16 17:59

Cape Town – Owesilisa uzovela enkantolo yaseMauritius ngesonto elizayo ngecala lokubulawa kowesifazane waseNingizimu Afrika.

USahib Meerhossen uthweswe icala lokubulala uLara Rijs, obeyimenenja enkampanini yezezimali eMauritius.

Kukholakala ukuthi wayefike eMauritius cishe ezinyangeni ezintathu ezedlule.

URijs wafunda e-Unisa, Rhodes nase-Edinburgh Business School, ngokwemininingwane yakhe ekwi-LinkedIn.

Isidumbu sakhe sitholakale endlini abehlala kuyona kuleli sonto.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu sendoda okwatholakala ikhanda layo eThekwini

Kukholakala ukuthi ozakwabo bakaRijs isidumbu sakhe basithole ngemuva kokuyombheka kulandela ukungafiki emsebenzini.

Bamthole edindilize embhedeni enamanxeba okugwazwa.

UMeerhossen, ongunogada, uvele enkantolo ngoLwesibili, kanti uliphikile icala lokubulala uRijs.

Uzobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.