UZodwa Wabantu udingeka egqoke iphenti emcimbini amenywe kuwo eZimbabwe

2017-08-23 17:02

Johannesburg  - UZodwa Wabantu wodumo lomdanso nokungaligqoki idilozi umenyiwe ekubeni yingxenye yomcimbi kahulumeni waseZimbabwe kodwa isimemo sakhe sihambisana nomgomo othile.

Kuthiwe uZodwa Wabantu uma ezowuhambela lo mcimbu kuyamuphoqa ukuba afake idilozi.

IZimbabwe Tourism Authority (ZTA) izobamba umcimbi wesonto lonke ekuqaleni kwenyanga kaSepthemba.

OLUNYE UDABA:UZodwa Wabantu uyowashaya eBulawayo amavosho

Lo mcimbi ubizwa ngokuthi yiHarare International Carnival. Kulo mcimbi kuzobe kumenywe nabadansi baseBrazil abangu-10 nabaseCuba abangu-20.

"Amehlo azobe ethe njo kuZodwa ngomhlaka-6 Septhemba, emdansweni iSamba. UZodwa waziwa kakhulu kulesi kwisifunda kanti nagye sifisa ukuthola izivakashe," kusho uSugar Chagonda oyisikhulu esiphezulu e-ZTA

Kodwa uZodwa kuzophoqeleka ukuba agqoke(afihle umzimba), uma kungenjalo kuzodingeka ukuba akhishwe emcimbini.

"Ngiyathemba uzobe eligqokile iphenti. Uma engakwazi ukunandisa eligqokile iphenti asimudingi ngoba lokho kuzocasula amakhosi," kusho esinye isikhulu esiphezulu, se-ZTA uKarikoga Kaseke etshela abezindaba.

UZodwa akusiye yedwa ozobe ephuma eNingizimu Afrika kulo mcimbi kodwa iZTA icele nezinye izihlabani okubalwa kuzo uBabes Wodumo, uBusiswa no-Uhuru.

UZodwa waqala ukuba sematheni ngemidanso yayo ehehayo ikakhulukazi kubantu besilisa abachazwa yindlela asuke enyakazisa ngayo umzimba ezindaweni zobumnandi kanjalo nokungezwani nokugqoka iphenti.

 - SowetanLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.