UZodwa Wabantu usekulungele ukuyonandisa eZambia nakuba esethole ukugxekwa

2018-03-06 16:01

Johannesburg - UZodwa 'Zodwa Wabantu' Libram wodumo lwemidanso uphume ephepheni kwelinye lamazwe elakhelene naleli ngemuva kokuba uNgqongqoshe weziNdaba zeNkolo noMqondisi kazwelonke, uGodfridah Sumaili, etshele iphephandaba lesizwe, iTimes of Zambia ukuba lo nontandakubukwa akamukelekile ezweni futhi ukhuthaza ukungaziphathi kahle.

Ngemuva kokuhamba kwesikhathi lo Ngqongqoshe ube esetshela elinye iphephandaba ukuthi uZodwa akaxoshiwe ezweni kodwa izwe lingelamaKrestu kanti lo saziwayo akasiye "umKrestu".

Yize kunjalo, uZodwa utshele iTshisaLive ukuthi uzonandisa kuleliya lizwe ngempelasonto futhi uyobe engaligqokile iphenti.

OLUNYE UDABA:Angizizwa ngi-sexy uma ngigqoke idilozi- Zodwa Wabantu

"Angisoze ngaligqoka iphenti. Angeke ngiyishintshe indlela engiyiyo. Mhlawumbe bacabanga ukuthi bazongikhulekela noma bangenze ngibe ngcono.

"Ngakwazi ukuphila ngo-2017 kanti nakulo nyaka ngizophila. Abahambe bayoshona uma benenkinga nalokho," usho kanje etshela iphephandaba.

UZodwa uqhube ngokuthi akaqondi ukuthi kungani ukungaligqoki iphenti kube yindaba enkulu kangaka ngoba maningi amakholwa enza okubi ekusithekeni.

Akusikho okokuqala uZodwa engakutholi ukwamukeleka kwelinye izwe. Ngonyaka odlule lowo owayengumengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe watshengisa ukungamfuni lo saziwayo waze wamuvimbela nokuthi anandise ezweni.

 - INSTAGRAM:

 - The Citizen

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.