Uzogcinwa esitokisini udokotela 'owadlwengulela' intombazane e-surgery

2017-10-13 07:11

Polokwane – Udokotela oneminyaka engu-52 ubudala osolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-17 ubudala uvele eNkantolo kaMantshi eNkowankowa, eLimpopo, ngoLwesine ngecala lokudlwengula, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe uthe udokotela uzogcinwa esitokisini kuze kube u-Okthoba 17 lapho ezofaka khona isicelo sebheyili ngokusemthethweni.

UNgoepe uthe kusolwa ukuthi isisulu besiyobona udokotela e-surgery eNkowankowa ngezithuba zabo-16:00 ngoMsombuluko ngesikhathi sidlwengulwa.

OLUNYE UDABAUvalo ngobulawe ephuma emcimbini

"Ngesikhathi sifika khona, isisulu sibizwe ukuba singene egunjini lokuhlolwa kweziguli, umsolwa wabe eseqala ukusihlola isisulu, khona lapho wabe esesidlwengula futhi,” esho.

Lolu daba lubikelwe amaphoyisa aqalisa uphenyo ngokushesha, kwaboshwa umsolwa, kusho uNgoepe.

"Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo,” esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.