Uzogqunywa esitokisini umfelokazi 'owabulalisa' umyeni wakhe

2017-07-26 18:00

White River – Oyedwa wabasolwa abathathu ababhekene nelokubulala uthishanhloko uMvelase Solomon Ntuli, 57, kubika iMpumalanga News.

UPeter Khoza osebenzela i-South African Correctional Services uthole ibheyili eNkantolo eNkulu yaseGauteng, ehlezi eMpumalanga.

UKhoza nalabo asolwa nabo; okungumfelokazi kamufi u-Ethel Simangele Mdluli, 54, kanye noXolani Ngwenya, 37, bona abayitholanga ibheyili ngakho bazogqunywa esiitokisini.

OLUNYE UDABA:Zimkhalele umfelokazi osolwa ngokudlwengula ona-14

Umufi waklinywa ngocwazi esemzini wakhe ebukele ibhola ngomhlaka 24 Januwari ebusuku ngabo-22:00.

Kwebiwa imoto yakhe, umabonakude kanye nefeni kodwa kwagcina kutholakale endaweni yakwaNyamazane ngemuva kwezinsuku ezimbalwa.

Kwesinye isigameko, kuvele ukuthi awusabazi ubuthongo umndeni kaSbu Ngubane, 52, waKwaZulu-Natal osadlula emhlabeni kulandela ukudedelwa ngebheyili kukankosikazi wakhe osolwa ngokumbulala.

Ngokuthola kwe-KZN Eyethu lo mndeni awuthokozile ngesinqumo senkantolo sokudedela lo wesifazane owayengunesi esibhedlea iRK Khan, u-Ethel Ngubane, 51, ngebheyili ka-R10 000.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.