Uzogwaza ekhaya umgadli wePirates

2017-06-22 14:10

Durban - Umgadli we-Orlando Pirates uzogwaza ekhaya kowamanqamu weNedbank Cup ozogijinywa yile kilabhu neSuperSport United ngoMgqibelo ngo-20:15 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UDove Wome waseTogo obolekiswe yiSuperSport kwiBucs, ukugcizelele ukuthi ufuna ukuvalelisa iPirates ngokuyisiza inqobe iNedbank bese ebuyela kuMatsatsantsa.

Uthi uzimisele ngokuba seqenjini elizonqoba iNedbank kule sizini njengoba nangedlule ebesesikwatini seSuperSport iwina le nkomishi.

Ekhuluma neLANGA izolo ngoLwesithathu emini uWome, uthe: "Izinhlelo zalo mdlalo zihambe kahle kakhulu. Sizimisele ngokuwunqoba. Lena yisizini yami yesine ngidlala kweyamanqamu. Ngifuna ukuwunqoba nalona njengoba kwenzekile nanyakenye (iSuperSport ihlula iBucs ngo-3-2 kowamanqamu weNedbank Cup).

"Ngifuna ukubuyela kwiSuperSport emuva kwalo mdlalo ngigaxe indondo yegolide yokunqoba le nkomishi. Phela ngisengoweSuperSport kodwa ngeke ngibe nalo ngisho oluncane uzwelo kuyona kulo mdlalo. Umqeqeshi usidonse ngendlebe ukuqikelela ukuthi sisebenza kanzima enkundleni kodwa sidlale nebhola elihle."

Lo mdlali uqhube ngokuthi esekwiSuperSport bekuhlala kugcizelelwa ukuthi kumele abadlali balwelane ensimini ukunqoba imidlalo ikakhulukazi eyamanqamu.

OLUNYE UDABA: Abadlali abahola kakhulu kunabo bonke ku-PSL

"Lokhu ngikufakile nakwiBucs ukuze siwunqobe lo mdlalo. Kangizisoli nakancane ngokubolekiswa kwiBucs yize singazange sibe nesizini enhle. Nokho lokho sifuna ukukujika ngokunqoba le ndebe. Sinabo abadlali abahle abazokwazi ukuphendula amatafula," kusho uWome.

IPirates izokuya kulo mdlalo inenxeba njengoba emdlalweni we-Absa Premiership idliwe yiSuperSport United ngo-6-1 kule sizini esongwayo.

UKaitano Tembo oyisekela likaStuart Baxter ongumqeqeshi weSuperSport oshiyayo emuva kwalo mdlalo, uthe: "Abalandeli bazobuka ibhola leqophelo eliphezulu. Le nkomishi siyifuna ngendlela efanayo nePirates.

“Sinezinhliziyo ezibuhlungu njengoba kule sizini siphuthwe yinkomishi sihlulwa kowamanqamu (weTelkom Cup).

"Lona wumdlalo omkhulu kubadlali. Kumqoka ukuba sijabulise nezikhulu ngokuwina le ndebe ezophinda isifake kwiCaf Confederations Cup okumanje senza kahle kakhulu kuyona."

Amathikithi alo mdlalo athengiswe wonke ngeledlule okwenze iPremier Soccer League (PSL) yakhipha isexwayiso sokuba bangalokothi basondele enkundleni abangenawo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.