Uzogwetshwa namuhla uVicki Momberg ngelokucwasa iphoyisa elinsundu

2018-03-16 09:31

Johannesburg – INkantolo kaMantshi yaseRandburg izigweba umdayisi wezindlu uVicki Momberg namuhla (ngoLwesihlanu).

Ngomhlaka 3 Novemba uMomberg ulahlwe ngamacala amane okucwasa ngesigameko lapho ahlasela khona ngamazwi uConstable David Mkhondo, owayezama ukumsiza ngemuva kokuba agetshwengwe esemotweni.

Lokhu kwenza kwakhe kwaqoshwa kwenziwa ivideo ayagcina isisabalale ezinkundleni zokuxhumana ekhala ngohlobo lwabantu abamnyama abaseGoli.

"Abantu abamnyama kuleli dolobha abafani nhlobo nabantu abamnyama baseThekwini. Banemibono, bayazitshela futhi abayinto yalutho. Ngiyakujabulela ukusizwa wumlungu, yikhaladi noma yiNdiya. Angimfuni umuntu omnyama ozongisiza,"kusho yena eshawuda.

OLUNYE UDABA:Akatholakalanga ephawula omiselwe ukucwasa kuFacebook

"Awuthi ngikutshele, ngalolu hlobo lwamaphoyisa eninalo, sinabantu abasezingeni eliphansi kabi abasebenzayo. Uma ngibona umuntu omnyama, ngizomshayisa, ukube benginesibhamu, bengizobadubula bonke,"washo njalo ngaphambi kokudumisa imoto yakhe ahambe.

Ngesonto eledlule iphoyisa ebeliqaphe lo wesimame uDaphne Naidoo unikeze ubufakazi enkantolo lapho aveze khona ukuthi ngesikhathi enezingxoxo noMomberg, uthi wayecabanga ukuthi igama kaffir yinhlamba nje.

Kuthiwa lo msolwa wake wathuka futhi wadicilela phansi isithunzi sephoyisa elaliqashelwe ukuqapha isimo sakhe kwaze kwaba wukuthi lelo phoyisa liyazikhulula kulowo msebenzi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.