Uzohlolwa isimo sengqondo osolwa ngokubulala ibhungu esitokisini

2016-07-05 19:01

Johannesburg - Indoda esolwa ngokubulala uGerdo Karelse oneminyaka engu-18 ubudala esitokisini eBeaufort West kuthiwa iyingozi emphakathini kanti futhi izoyakohlolwa ingqondo esibhedlela iValkenberg.

Lokhu kungokusho kwelungu leCetral Religious Leaders uRichard Matroos otshele abeTimesLive ukuthi amalungu omphakathi nabezindaba abakwazanga ukuyothamela icala likaZuko Mgugqunthu ebelihlezi enkantolo ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Izokohlolwa ingqondo ingane esolwa ngokubulala

UMguqgunthu ubhekene necala lokubulala nokucekela phansi impahla ngemuva kokushona kuka Karelse esitokisini ababevalelwe kuso bobabili.

Ngokombiko ongaqinisekisiwe uKarelse watholwa edindilize phansi eseyisidumbu engasenazo izindebe kanti amazinyo akhe ayesaphazeke phansi.

UMguqgunthu uvele enkantolo eqahswe ngamaphiyisa.

Icala lihlehliselwe umhlaka-5 Agasti ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.