Uzojoyina elePSL maduze umqeshi olaxaze iqembu ebelimmisile

2017-06-27 16:00

Cape Town – Sebuphelile ubudlelwano obekukhona phakathi kukaMilton Dlamini neqembu eligijima esigabeni sePremier Soccer League (PSL), iBaroka FC, ngokombiko weKickOff.com.

UDlamini – obeqeqesha ngokubambisana kule kilabhu – manje sekulindeleke ukuthi ajoyine enye futhi ikilabhu yePSL nalapho ezosebenza khona njengomsizi kamqeqeshi ngenyanga ezayo njengoba nezingxoxo sezivele zisezingeni eliphezulu.

Wamiswa ekuqaleni kwanyanga ngesikhathi leli qembu liseyingxenye yemidlalo yama-Promotion Play-Offs kanti bekulindeleke ukuba avele ngaphambi kwekomiti eliqondisa izigwegwe kule kilabhu.

OLUNYE UDABA: Kuphelile phakathi kweDowns noTeko

Isigcawu sokuqondiswa izigwegwe angeke sisaba khona.

U-Ali Tlhoaele, omele lo mqeqeshi, uyiqinisekisile le mibiko waphinde waveza nokuthi iFree State Stars angeke ibe ngumqashi olandelayo kaDlamini.

“Sesihlukane ngokuthula neBaroka futhi manje umqeqeshi usezojoyina elinye iqembu kwiPSL ukuze asebenze njengomsizi kamqeqeshi,” uTlhoaele iKickOff.com.

“Akukaze kwaba nesigcawu kulandela ukumiswa. IFree State Stars yakhombisa intshisekelo kodwa izingxoxo azizange ziholele esivumelwaneni futhi sesinelinye iqembu elisemgqeni manje.”

Inkontileka kaDlamini bekulindeleke ukuthi iphele ekupheleni kwenyanga.

IBaroka isivele isiqoke uMacDonald Makhubedu njengomsizi wayo omusha womqeqeshi nalapho uKgoloko Thobejane yena esazoqhubeka abe ngumqeqeshi omkhulu. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.