Uzokhipha incwadi uSteve Kompehla

2018-05-06 11:02

Durban - Umqeqeshi wodumo uSteve "Mphathi" Komphela osanda kukhonjwa indlela yiKaizer Chiefs, uthi inhlupheko umuntu omnyama adlula kuyo ngaphambi kwempumelelo, yiyona emenze wathatha isinqumo sokubhala incwadi.

UKomphela udalule ukuthi usezinhlelweni zokubhala incwadi ngesikhathi eyisimenywa ohlelweni lwasekuseni kwiMetro FM, iFresh Breakfast Show. Uthe useqalile ukubhala ezinye iziqephu ezizotholakala encwadini yakhe.

Lo mqeqeshi ukhonjwe indlela kwiChiefs esenyama nambana kubalandeli ngenxa yokwehluleka wukunqoba izicoco selokhu ethathe izintambo zokuqeqesha leli qembu kumasizini amathathu.

OLUNYE UDABA:IChiefs ayilugqugquzeli udlame - Kaizer Motaung

Kulolu hlelo uKomphela owaziwayo ngokukhuluma isiNgisi esijulile, ufunde esinye seziqephu esizotholakala kule ncwadi angayidalulanga isihloko sayo.

Ethinwa yiLanga LangeSonto ngemuva kwalolu hlelo ngoLwesihlanu, ukuqinisekisile okokukhipha incwadi, kodwa waveza ukuthi akakakulungeli ukukhuluma ngayo kwabezindaba. Ucele intatheli ukuba ibuye imthinte ngokuhamba kwesikhathi ngoba kusekuningi asaphezu kwakho okuthinta le ncwadi. Uthe akakabi naso isihloko sayo.

Kulolu hlelo olushayelwa nguDJ Fresh, uSomizi Mhlongo, uMpho Letsholonyane no-Angie Khumalo, uKomphela ukhuthaze abadlali nabasubathi ukuba bafunde ukonga imali, benze benze izinto ezizobathuthukisa kunalezo ezizobalahlekisela. 

Uqhakambise ukubaluleka kwemfundo nokuzimisela uma bezimisele ngokuba baphumelele.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.