Uzokhokhelwa u-R60k owesimame owaboshwa ngephutha eyovula icala

2017-09-05 12:31

Owesimame oneminyaka engu-34 ubudala wasePretoria owabikela amaphoyisa ngokuhlukunyezwa, kodwa kwaboshwa yena ngephutha ngokutholakala nemoto eyebiwe uzokhokhelwa inhlawulo.

Lokhu kuvezwe yinkantolo eNkulu yasePitoli, ungqongqoshe wamaphoyisa uvumile ukukhokhela uThembi Buthelezi waseSunnyside lemali.

UButhelezi waqala wafuna inhlawulo kaR300 000 kuNgqongqoshe ngalesi sigameko esenzeka ngo-Mashi 2012, lapho aboshwa khona wagqunywa ezitokisini izinsuku ezintathu esiteshini samaphoyisa eSoshanguve.

OLUNYE UDABA:I-ArcelorMittal izoyikhokha inhlawulo ka-R1.5bn

Lentokazi yaya kulesi siteshi iyovulela umngani icala lokumhlasela.

Ngesikhathi esaqhubeka nenqubo yokuvula icala, umngani wakhe wangena esiteshini watshela amaphoyisa ukuthi uhamba ngemoto eyebiwe.

Amaphoyisa awazange achithe isikhathi amubopha khona lapho ngaphandle kukoqinisekisa ukuthi lo lwazi luyiqiniso noma cha.

Wagcinwa ezitokisini izinsuku ezintathu waze wavela enkantol kaMantshi eSoshanguve, lapho iziphathimandla zasenkantolo zafike zanqaba khona ukulwethula leli cala ngoba bungekho ubufakazi.

Ngokuhamba kwesikhathi, watshelwa ukuthi kunephoyisa elabhala isitatimende sokuthi watholakala ehleli eceleni emotweni eyebiwe, kwase kucatshangwa ukuthi uyena obehamba ngayo.

UButhelezi wayelokhu eshilo ukuthi noma ngabe kunjani, leso akusona isizatho sokuthi uyena ohamba ngemoto eyebiwe, futhi yena wayengenacala.

Ngokwamaphepha asenkantolo, amaphoyisa aqale aphika ukuthi uButheli wayeboshiwe aphika nokuthi waagqonywa ezitokisini izinsuku ezintathu.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.