Uzokhunjulwa ngenkonzo uSenzo Meyiwa

2017-10-28 11:00

Durban - Lowo owayengunonzinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, uzokhunjulwa ngenkonzo ezobanjelwa kubo eMlazi, eningizimu yeTheku, ngoMgqibelo.

UMeyiwa washona ngemuva kokudutshulwa ekubo kantombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus ngomhlaka-26 Okthoba 2014.

Amaphoyisa aqale abopha abasolwa abathathu kuleli cala kepha baphinde badedelwa, kanti kuze kube yimanje akuphindanga kwaboshwa muntu mayelana nokubulawa kukaMeyiwa.

Kulindeleke ukuba le nkonzo yesikhumbuzo ihanjelwe yizinkumbi zabantu.

Ubaba kaMeyiwa, uSamuel, uthi ukungatholakali kwababulali bendodana yakhe kufana nokuhlikihla usawoti esilondeni.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Sikhumbula impilo kaSenzo Meyiwa

"USenzo wabulwa, futhi kuyaziwa ukuthi wabulawelwaphi. Kwakukhona umzali, intombi, udadewabo kantombi kanye nabangani ngesikhathi ebulawa. Kodwa kuze kube yinamhlanje akekho ofuna ukuveza iqiniso.

"Kuyaxaka ukuthi kwafa ingane yami kuphela," kusho uSamuel exoxa nesiteshi sikamabonakude i-eNCA.

Ubaba kaMeyiwa uthi namanje akaqondi ukuthi kungani kwafa uSenzo kuphela kulesi sigameko. "Kwadliwa imali yakhe, wabayisa ezindaweni eziphambili. Nginomcabango wokuthi mhlawumbe okwenzeka kwakuhleliwe," esho.

Ubaba kaSenzo uthi ngendlela okwenzeka ngayo izinto kubukeka sengathi ingane yakhe yayakhelwe uzungu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.