UZola 7 usola ukuthi kukhona ombiza okhambeni

2016-05-01 10:05

Johannesburg - Isihlabani somzulo weKwaito esingumlingisi uZola 7 sihlaselwa ngamadimoni kanti asisabazi ubuthongo selokhu saqala ukuhlaselwa yiwo.

UZola 7 ogamalakhe lokuzalwa nguBonginkosi Dlamini uthi akasabuthi qothu ubuthongo ebusuku ngoba kukhokhana ombiza okhambeni uma elele.

Lesi sihlabani seculo iGhetto Scandalous sesihlalela ovalweni emzini waso oseMelville eGoli njengoba sithi siyathakathwa.

Omunye wabangani baZola 7 uthe useqashe unogada ozomuqapha nsuku zonke. 

"Kubuhlungu okwenzeka kuZola 7 , akakwazi ukulala ebusuku, ulala ezintatha kuphela nasemini njengoba enenkinga yokungakwazi ukulala ebusuku.

"Uthi ebusuku uhlaselwa amadimoni amklinyayo ebumnyameni," kusho lo mngani.

OLUNYE UDABA: Useyashiya uZola-7

Omunye umthombo uthe uZola 7 ulalisa abantu estudio ngenhloso yokuba azizwe ephephile.

"Uthi wathola ama-razor nezinaliti egcekeni lakwakhe, uthi kukhona lo omfuna phansi phezulu."

Umngani kaZola uqinisekise ukuthi wake wabona imoto embomvu iopake ngaphandle emzini kaZola ekuseni ngovivi.

Lo mthombo uqhube ngokuthi uZola 7 waxoshwa ekubeni ngumethuli wohlelo iTatakho ngoba axosha umshayeli owayezomlanda ngoba ayelele emini, kusho lo mthombo.

"UZola 7 akathandi ukuphazanyiswa uma elele, usecwila nasezinkambini zikaFaro ukuze ezokhohlwa yizinkinga zakhe ebusuku.

UZola 7 uqinisekise ukuthi wathola ama-razor, amalhandlela nezinaliti egcekeni lakwakhe.

"Ngangingekho. Ngezithuba zabo-01:00 ekuseni umngani wami owayeya estudio wababona labathakathi, babehamba ngemoto ebomvu. Umngani wami uyamazi oyedwa wabo nami futhi ngiyamazi."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.