Uzolala ebaliwe namhlanje u-Oscar

2016-07-06 20:30

Johannesburg – Umsubathi ogijima ngamaxhumela u-Oscar Pistorius uzolala ebaliwe namhlanje njengoba ezochitha ubusuku bakhe bokuqala ekhulukuthu.

Lokhu kulandela ukuthi egwetshwe iminyaka eyisithupha esezikhindini – okuyisigwebo esichazwe njengesincane kakhulu ngongoti.

Ngemuva kokugwetshwa kukaPistorius kuvungame izinkundla zokuxhumana abantu bezwakalisa ukungenami bethi lo msubathi ushaywe ngoswazi oluncane.

UPistorius wabulala intombi yakhe uReeva Steenkampa ngoSuku lweziThandani ngo-2013.

OLUNYE UDABA: Baphawula ngesigwebo sika-Oscar seminyaka engu-6

IJaji uThokozile Masipa wethule isigwebo wathi ngenxa yobufakazi obethuliwe enkantolo, ngeke kube ngumqondo ophusile ukumnikeza isigwebo esinqala.

UMasipa uqhube ngokuthi uPistorius watshengisa ukuzisola ngesikhathi kuqhubeka icala, kanti futhi wazama ukusindisa impilo kamufi ngemuva kokubona iphutha alenzile.

“Wacela uNkulunkulu ukuba asindise uReeva futhi utshengisile ukuzisola ngesikhathi kuqhubeka icala.

“Ukumgquma ejele isikhathi eside ngeke kusize muntu,” esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.