Uzongcwatshwa ngokohlelo lukahulumeni uMama weSizwe

2018-04-03 07:31

Johannesburg – Abantu baseNingizimu Afrika balale ngezindaba ezingezinhle zokudlula emhlabeni kukamama wesizwe, uWinnie Madikizela-Mandela.

Amazwi enduduzo alokhu etheleke njalo kulandela ukudlula emhlabeni kwaleli qhawe lomzabalazo esibhedlela iMilapark eGoli ngoMsombuluko, lineminyaka engu-91 ubudala.

UMengameli Cyril Ramaphosa umemezele lezi zindaba ekhuluma nesixuku sabantu kanye nabezindaba ngaphandle komuzi kaMadikizela-Mandela eSoweto.

OLUNYE UDABAKuthungathwa abantshontshe inqwaba yamaselula esitolo esiseMall

“Njengohulumeni kazwelonke siyakuqinisekisa ukuthi uWinnie Madikizela-Mandela uzongcwatshwa ngokohlelo lukahulumeni ngomhlaka 14 April,” kusho uRamaphosa.

Khonamanjalo, iGender Commission ithi uMadikizela-Mandela walwela ukucwasa ngokwebala, ngokobulili kanjalo nenkululeko eNingizimu Afrika.

ICosatu imchaze njengomuntu obengenakho ukwesaba, yathi walwela ukubonakala koshintsho kwezomnotho.

Ithe indlela efanele ukuhlonipha leli qhawe ukulondoloza imisebenzi yalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.