Uzongcwatshwa ngokohlelo lukahulumeni uSkweyiya

2018-04-13 11:03

Pretoria – Ingqalabutho ye-ANC uZola Skweyiya izohlonishwa ngomncwabo wohlelo lukahulumeni, kusho uMengameli Cyril Ramaphosa ngoLwesine.

URamaphosa ukumemezele lokhu ngesikhathi evakashele umndeni wakwaSkweyiya ePitoli.

Ubephelezelwa yiPhini likaMengameli uDavid Mabuza, uNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule noMgcinimafa Jikelele uPaul Mashatile. 

"Hhayi nje ngoba wayengungqongqoshe kodwa nangenxa yokuthi ubengobaluleke kakhulu embuthweni wethu, emzabalazweni nangeqhaza lakhe enkululekweni nasekuthuthukisweni kwabantu,” kusho uRamaphosa.

OLUNYE UDABA: Indida ngoboshelwe 'ukuqopha i-video' ekhuluna nowakwaGupta eDubai

USkweyiya udlule ehlabeni ngoLwesithathu eneminyaka engu-75 ubudala.

USkweyiwa wathatha umhlala phansi ekubeni yilungu lePhalamende ngo-2009.

Wabe esebayinxusa lakuleli e-United Kingdom naseNorthern Ireland.

Kuthe esebuya kuleli, uSkweyiya waqhubeka nokusebenza ezinhlakeni ze-ANC, kanti ngo-2016 ubengomunye walabo abashaya ikhwelo lokuba uJacob Zuma akehle esikhundleni.

- IOL

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.