Uzophendula amatafula kuZalo umculo wowokholo

2018-04-23 15:59

Durban - Kubikwa ukuthi kuzophenduka amatafula ngokufika kukaSteleka emdlalweni kamabonakude owuchungechunge Uzalo okhonjiswa kwi-SABC1 phakathi nezinsuku.

Lokhu kuvezwe nguMmamitse Thibedi ongumunye wabaqondisi balo mdlalo. Utshele leli phephandaba ukuthi uSteleka ogama lakhe langempela nguMdu Mnguni, noNkunzi elakhe langempela nguMasoja Msiza, banomlando omude njengoba phambilini bebengabangani bekhula ndawonye.

"Ngokuhamba kwesikhathi baphenduke izitha ngenxa yokuthi uNkunzi ushise ikhaya likaSteleka kwashona nomama wakhe obekhona phakathi ngesikhathi kusha," kuchaza uMmamitse.

UMmamitse uqhube wathi uSteleka uzoziphindiselela kuNkunzi ngokubulala unina. UMdu Mnguni akalona ivukane kwezokulingisa njengoba eseke wabonakala emidlalweni eminingi eyahlukene kumabonakude.

OLUNYE UDABA:Ujoyina uZalo owayedlala kwiGaz'lam

Muva nje uke wabonakala komunye umdlalo owuchungechunge Isibaya lapho ebedlala khona indawo kaMalume kaMabuyi. Eminye imidlalo ake abonakala kuyona kubalwa iGenerations, Mthunzini.com, Tshisa, Gaz'lam kanti uke wabonakala nakumafilimu akuleli okubalwa iBetween Friends, Khathazile namanye.

Echaza ngokujoyina Uzalo uMdu uveze ukuthi ujabule futhi uthembisa abantu izinga eliphezulu.

"Ukujoyina Uzalo kuyangijabulisa ikakhulukazi ngoba wumdlalo oqoshelwa eThekwini okuyilapho ngiqhamuka khona," kusho lo mlingisi.

Uthi unesifiso sokuthi azinze kulo mdlalo kodwa kuzoya ngababhali ukuthi bona babona kanjani.

UMdu nakuba esegxile ekulingiseni kodwa uke wabasemculweni lapho esebenza khona nenkakha yomculi engasekho emhlabeni uVuyo Mokoena.

"Okwamanje umculo ngizobuye ngiwubone, angiwuyekile, kungenzeka ngokuhamba kwesikhathi ngibuyele kuwona," kusho uMdu obecula umculo wowokholo.

 - ILANGA LangeSonto

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.