‘Uzoqondiswa izigwegwe’ yi-ANC obenguNgqongqoshe wezeMpilo

2017-02-07 10:01

Johannesburg – Lowo obenguNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng, uQedani Mahlangu, uzobhekana nekhomishana ye-ANC eqinisekisa ukuba qotho kwamalungu mayelana neqhaza lakhe ekushoneni kweziguli ezingu-94 eziphazamiseke ngokomqondo.

NgoMsombuluko, ikomiti lesigungu esiphezulu se-ANC lithe lishaqekile ngalokhu kushona kweziguli futhi lizoqinisekisa ukuthi izincomo zeHealth Ombudsman ziyaqaliswa ukuqinisekisa ukuthi isigameko esifanayo asenzeki esikhathini esizayo.

OLUNYE UDABA: Kuzophenywa kabanzi ngokushona kwabangu-36 abagula ngengqondo

Leli komiti belibambe umhlangano walo wokuqala wonyaka ngesonto eledlule.

UMahlangu usule isigubhukane ngesonto eledlule, ngaphambi nje kokuthi uMalegapuru Makgoba weHealth Ombudsman amemezele ukuthi okungenani zingu-94 iziguli eziphazamiseke emqondweni ezishonile ngemuva kokuthi uMnyango wezeMpilo eGauteng wakhipha iziguli ezibalelwa ku-2 000 esikhungweni iLife Esidimeni, wazisa ezikhungweni ezingu-27 ezingekho ngaphansi kukahulumeni nezingabhalisiwe, ngenhloso yokonga imali.

NgoLwesithathu, uMakgoba wathi uthole ukuthi lezi ziguli zabulawa ukugodola, yindlala kanye nokungatholi ukunakekeleka.

Ikomiti le-ANC laphoqa i-ANC Youth League ukuba ihoxise isitatimende sayo nalapho yayinxusa khona ukuba uNdunankulu waseGauteng, uDavid Makhura, ehle esikhundleni, ukuhoxisa icala lobugebengu eyalivulela uMahlangu, kanjalo nokuthi ihoxise ukuphawula nalapho yayishaya amakhala ngamava aSekela Nobhala we-ANC eGauteng, uGwen Ramokogpa. URamokogpa uyena ogcine eqokelwe ukuthatha izintambo kuMahlangu. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.