Uzovela enkantolo kusasa osolwa ngokubulala indodana, 5

2017-09-03 11:17

Johannesburg - Umfana, 5, wakwazi ukutshela intombi kababa wakhe ukuthi ubani omhlaselile ngaphambi kokuba ashone esibhedlela saseGoli, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoMgqibelo.

Indoda eneminyaka engu-35 ubudala ilindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoMsombuluko ngecala lokubulala kulandela ukushona kwendodana yayo.

Lo mfana ushonele esibhedlela ngoLwesihlanu ngenxa yokulimala kanzima, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubela.

OLUNYE UDABA:Ushonile umfana, 5, ngemuva kwezinsolo zokuhlukunyezwa nguyise

Isigameko sokushaywa ngesihluku kwalo mfana kubikwa ukuthi senzeke emzini wababa wakhe oseChrisville, abehlala kuwo nentombi yakhe.

"Lo baba nale ngane - ayithola nomunye wesifazane - babebodwa endlini ngesikhathi intombi isemsebenzini. Ngesikhathi intombi isibuya emsebenzini yafike yabona ingane ixhuga futhi ishayiwe," kusho uMakhubela.

"Ingane yatshela "umamncane" ukuthi ishaywe ngubaba wayo, wabe eseyihambisa esibhedlela.

Lo mfana washona efika esibhedlela, ubaba wakhe waboshwa emzini wakhe.

UMakhubela uthe kuphenywa imbangela yokubulala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.