Uzovela enkantolo ophinde wadubula isisilu okwesibili

2017-09-20 09:29

Johannesburg – Owesilisa kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eRoodepoort namhlanje ngoLwesithathu  ngemuva kokuboshwa okwesibili ngokudubula okwesibili isisulu esisodwa ezigamekweni ezahlukene, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubele uthe indoda eneminyaka engu-54 ubudala yaqale yadubula yalimaza isisulu ngesonto eledlule eFlorida, eGoli.

Amaphoyisa abizelwa nedaweni yesigameko, umsolwa waboshwa, kusho uMakhubele.

Umsolwa wavela eNkantolo yesiFunda eGoli ngecala lokuzama ukubulala, wadedelwa ngebheyili ka-R5 000.

OLUNYE UDABA: Kunzima kumfana ozalwe enezilonda umzimba wonke

“Akagcinanga lapho, umsolwa wabuyela eFlorida, waphinde wadubula walimaza sona futhi lesi sisulu.”

Umsolwa ube eseboshwa futhi ngecala lokuzama ukubulala nangokushaya indiva umbandela webheyili.

UMakhubele uthi isisulu siphinde sasinda nakulesi sigameko, saphuthunyiswa esibhedlela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.