Uzovela enkantolo osolwa ngokugqiba isidumbu emzini wakhe

2017-02-02 07:42

Johannesburg – UJacobus Oosthuizen uzovela eNkantolo yeMantshi yasePaarl ngoLwesine ngecala lokubulala uNicola Pienaar.

U-Oosthuizen, 32, waholela amaphoyisa emzini wakhe osePaarl, eWestern Cape, ngeSonto lapho kwakugqitshwe khona isidumbu sikaPienaar.

Waboshwa ePort Elizabeth ngoJanuwari 21 ngemuva kokutholakala ehamba ngemoto kaPienaar. Yayigcwele izingubo kanye nezinye izinto.

U-Oosthuizen uvele eNkantolo yeMantshi yasePort Elizabeth ngoLwesihlanu olwedlule.

OLUNYE UDABA: Useboshiwe owakhohlw ayiselula yakhe egqekeza

UPienaar, 28, wanyamalala ngoJanuwari 5.

Unina, uMarlaine Pienaar-Vice, wabikela amaphoyisa ngokunyamalala kwakhe ngoJanuwari 8 waphinde wavula necala lokwebiwa kwemoto .

NgoJanuwari, uMarlaine watshela iNews24 ukuthi u-Oosthuizen wayengumngani wendodakazi yakhe futhi naye akaze abenenkinga nalokho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.