Uzovela enkantolo unogada osolwa ngokunukubeza izingane zesikole

2017-10-18 09:31

Johannesburg – Unogada wesikole osolwa ngokuhlukumeza ngokocansi izingane zamantombazane ezingu-87 esikoleni samabanga aphansi eSoweto kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eProtea North ngoLwesithathu.

Unogada usolwa ngokuhlukumeza amantombazane esikoleni, kusho uMnyango wezeMfundo esifundazweni.

Ngesikhathi kuvela lezi zindaba ngeledlule, kwaqale kwavela ukuthi zingu-54 izingane ezahlukunyezwa ngokocansi, kodwa ngokuhamba kwesikhathi isibalo senyukela ku-87.

OLUNYE UDABA: Abafundi bacasuke bashisa amakilasi amadala

INews24 phambilini ibike ukuthi umsolwa uboshwe ngomhlaka 9 Okthoba ngemuva kokuba abafundi ababili bevule icala, ngokusho kokhulumela uMnyango uSteve Mabona.

UMabona wathi amantombazane amabili – eyodwa eyenza u-grade 2 nenye eyenza u-grade 6 – abika ukuthi aqala ukuhlukunyezwa ngoFebhuwari 2016.

Ngemuva kwalokho baningi abafundi abaphumela obala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.