Uzovela ngoMsombuluko osolwa ngokubulala nokuphinga

2017-02-04 11:01

Durban - Kulindeleke ukuba indoda eneminyaka engu-24 ubudala ivele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko ngecala lokubulala, elokuphanga, elokutholakla nesibhamu nezinhlamvu esingekho emthethweni.

Le ndoda iboshwe ngoLwesihlanu ekuseni ngabaseshi baseCato Manor iphethe izibhamu ezintathu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

Kuzwakale ukuthi ngomhlaka-28 Januwari ngezithuba zabo-21:30 isisulu, uLindile Mngoma, 24, sasikubo eCato Crest ngaphandle kweThekwini ngesikhathi sihlaselwa umsolwa owayehlome ngesibhamu.

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo osolwa ngokubulala umqashi

Kusolwa ukuthi umsolwa wangena endlini wathatha iselula, i-Tablet nezimopahla zokugqoka ngaphambi kokudubula isisulu.

Isisulu salimala kanzima saphuthunyiswa esibhedlela kodwa ngeshwa sashona singena ngomnyango wakhona.

Kwavulwa icala lokubulala nokuphanga esiteshini samaphoyisa aseCator Manor ukuze kuzophenywa.

Nhokwesitatimende samaphoyisa, ngoLwesihlanu ekuseni, ngomhlaka-3 Febhuwari, amaphoyisa alandela imikhondo umsolwa waboshwa.

Ibamba likaKhomishana wamaphoyisa aKwaZulu-Natala uMajor General Bheki Langa ushayele ihlombe amalungu ngokusebenza ngokuzikhandla okuyikho okuholele ekutheni umsolwa aboshwe kuphinde kutholakla nezibhamu ezingekho emthethweni.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.