Uzowuhlukanisela ejele unyaka osolwa ngokuhlasela iphoyisa

2016-12-29 13:02

Johannesburg - Isivelile eNkantolo yeMantshi yasePolokwane indoda eneminyaka engu-31 ubudala ngezinsolo zokungenisa iphoyisa esibhedlea egumbini labaxineke kakhulu.

UKarel Johannes Russow ubhekene necala lokuzama ukubulala, ukuphanga nokuthuka inhlamba ngemuva kwezinsolo zokuhlasela uCaptain George Phene ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: Kuhlaselwe amaphoyisa amabili engekho emsebenzini eMthwalume

"Leli phoyisa, olwela impilo yakhe esibhedlela sasePitoli kuthiwa walahlekelwa amazinyo amaningi ngesikhathi ehlaselwa," kusho amaphoyisa ekuqaleni kwesonto.

UPheme, 56, usesimeni esibucayi kodwa esikahle, kusho uBrigadier Motlafela Mojapelo ngoLwesine ekuseni.

Kuthiwa kwaqubuka ingxabano phakathi kukaRussow noPheme eduzane nasenxanxathela yezitolo esenyakatho yePolokwane. 

Akucaci ukuthi babebangani.

Leli phoyisa lali ngasebenzi ngesikhathi lihlaselwa.

URussow ugcinwe esitokisini kanti uzoze avele ngomhlaka-5 Januwari eseyofaka isicelo sebheyili.

TMG Digital

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.