Uzoxoshwa esikoleni umfundi owashaya uthisha

2017-08-22 16:02

Johannesburg - UMnyango wezeMfundo eGauteng uthi umfundi owashaya uthisha esikoleni iNorkem Park High eKempton Park e-East Rand uzoxoshwa esikoleni.

Lokhu kubeka isibalo sabafundi abaxoshiwe ku-3.

Isigameko senzeka ngesonto eledlule ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uPanyaza Lesufi ehambele lesi sikole.

OLUNYE UDABA:Umfundi, 25, ushaye uthishanhloko ngempama

Abafundi abangaphezu kwabangu-20 bamisiwe esikoleni ngezinsolo zokuba yingxenye yeqembu lezigebengu esikoleni.

Isikhulumi uSteve Mabona sithe isigameko sokushaywa kukathisha senzeka ngosuku ababevakashe ngalo esikoleni. Uthi lo mfundi uzobe esexoshiwe ngoLwesithathu.

"Isibalo sabafundi abaxoshiwe sesimi kwabathathu kanti kudingeka ukuba baqale uhlelo lokuhlunyeleliswa isimilo ngaphambi kokuba bafakwe kwesinye isikole."

 - SABC


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.