UZuma akumele akhankasele i-ANC - SACP

2018-03-26 18:00

Johannesburg - Iphini lesibili likaNobhala Jikelele weSouth African Communist Party (SACP) uSolly Mapaila lexwayise i-African National Congress (ANC) ngobungozi bokufaka uJacob Zuma ezinhlelweni zokukhankasela ukhetho oluzayo.

UMapaila uthi i-ANC izolahlekwla ngamavoti ngalokhu ekwenzayo, ngakho kuzomele imkhiphe uZuma kulezi zinhlelo, kubika i-SABC.

“Kuzoyisiza kakhulu yona (i-ANC) kanye nathi uma engabi yingxenye yemikhankaso,” kusho iphini likanobhala jikelele we-SACP uSolly Mapaila.

OLUNYE UDABA: UZuma wamukela intshontsho lika-R1m - Umbiko

“Sifuna ukuguqula umphakathi siwuholele kwelinye izinga kanti ukufinyelela lapho sidinga abaholi abangazibandakanyi nenkohlakalo.  Asikwazi ukumelwa ngabantu abanjena. Lokhu kuphambene nezinjongo zethu.”

UMapaila uthe ‘ziyathusa’ izinsolo ezithi usihlalo we-SACP uSenzeni Zokwana kanye nomengameli weCosatu uSdumo Dlamini bakhokhelwa u-R300 000 ngusomabhizinisi.

Iphephandaba iCity Press libike ukuthi oKlebe benza uphenyo ngezinsolo ezithi uZuma wagwazelwa ngusomabhizini ngo-R1-million ukuze ezogcina uZokwana esikhundleni sakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.