UZuma angase axoshe ongqongqoshe ‘abangamlaleli’

2017-01-27 18:03

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma ucabanga ukukhomba indlela ongqongqoshe abebesekela ikhwelo lokuthi ehle esihlalweni ngonyaka owedlule baphinde bangalandela nemiyalelo, ngokusho kwabaholi abaphezulu be-African National Congress (ANC).

UZuma watshela iNational Executive Committee (NEC) ye-ANC kuleli sonto ukuthi ucabanga ukuthatha izinyathelo wathi futhi nohulumeni kudingeka ukuthi unyuse amasokisi, ngokusho kwabaholi ababili abebehambele lo mhlangano eGoli nabanqabile ukudalulwa ngoba abagunyaziwe ukuphawula.

Okhulumela uMengameli, uBongani Ngqulunga, ubengakaphawuli ngalezi zinsolo.

OLUNYE  UDADA:‘Umengameli Zuma ufuna ukufaka uDlamini-Zuma kwesikaGordhan’

Lo mhlangano ububizelwe ukubhunga ngezindlela zokufukula umnotho, ukukhuphula izinga lokufinyelela emhlabeni kanye nokudambisa ukunyuka kwezinga lokuhluleka ukubekezelela uhulumeni komphakathi ngenxa yobubha kanye nezinga eliphezulu lokuswelakala kwemisebenzi.

I-ANC ibhekane nokwehlelwa ukwesekwa okukhulu emlandweni ngokhetho lohulumeni basekhaya obelungo-Agasti, nalapho eyalahlekelwa khona yinhlokodolobha yezwe, iPitoli, kanye nesizinda somnotho wezwe, iGoli, ngemuva kokuqunjwa phansi amaqembu aphikisayo.

UNgqongqoshe, wezokuVakasha, uDerek Hanekom, ungomunye wongqongqoshe abangase bakhonjwe indlela ngemuva kokuphakamisa ukungamethembi uZuma emhlanganweni weNEC wangoNovemba mhlaka-26, ngokusho kwabaholi beqembu.

UNgqongqoshe wezeMpilo, u-Aaron Motsoaledi kanye noNgqongqoshe wezokuSebenza koMphakathi, basakela uHanekom, ngokwabaholi beqembu ababekhona. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.