UZuma kumele aphenye ngolukaBrian Molefe kowombutho wezempi- SASFU

2017-11-20 09:33

Johannesburg - ISouth African Security Forces Union (SASFU) isinxuse ukuba uMengameli Jacob Zuma aphenye aphinde aguqule isinqumo sokuqokelwa kukaBrian Molefe embuthweni wezempi.

Esitatimendeni, uMengameli weSasfu uCharles Jacobs uthe uNgqongqoshe wezokuVikela uNosiviwe Mapisa-Nqakula kumele aguqule isinqumo aphinde abuyise zonke izimali esezike zakhokhelwa uMolefe, kuphinde kuqaliswe uphenyo ngalolu daba bese kuthathwa izinyathelo ezifanele.

"Ngokubona kwethu, lokhu okwenzekile kufana ncamashi nenkohlakalo,” esho.

UJacobs uthe iSasfu ngeke ihlale ibukele isithunzi sombutho wezempi sicekelwa phansi. “Uma sibona ukuthi izikhulu azisisizi ngalutho, ngeke singabaze ukuthatha noma ziyiphi izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi isithunzi sombutho wezempi asihudulelwa phansi.”

OLUNYE UDABA: BUKA: Wamukelwe ngenhlokomo ‘uPapa Action’ Molefe kwa-Eskom

Iphephandaba langeSonto iCity Press libike ukuthi uMolefe waqokelwa esikhundleni sikaColonel embuthweni wezempi kanti kusukela ngaleso sikhathi uhola u-R57 000 ngenyanga. Kuthiwa lo msebenzi wawuqala ngo-Agasti yize engakaze asebenze embuthweni wezempi ngaphambilini.

Wabizelwa kulesi sikhundla ukuba azosebenza wanganqunyelwa isikhathi, ekubeni amalungu ombutho angamarisevu esetshenziswa kuphela izinyanga ezintathu ngaleso sikhathi asuke edingeka ngaso, kuqhuba umbiko wephephandaba.

UMolefe wake waqokelwa kwesikaColonel ehlonishwa ophikweni lwesikhashana lebutho i-SA Irish ngo-2009.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.