UZuma kumele ashenxe esikhundleni - Mashatile

2018-02-03 15:55

Johannesburg - UMgcinimafa we-ANC uPaul Mashatile uthi uMengameli Jacob Zuma kumele ehle esikhundleni, ukuze kunqandeke ukuthi "kube nezinkunzi ezimbili esibayeni esisodwa".

"Ngokubona kwethu sibona kufanele ukuthi kube khona uguquko," kusho uMashatile ekhuluma kwi-CNBC Africa's Political Capital ngoLwesihlanu.

"Amandla angubhandemtshelekwano, akukwazi ukuthi kubuse abantu ababili ngesikhathi esisodwa. Sifuna ukubona isimo lapho kubusa khona 'inkosi' eyodwa ngaphandle komdonsiswano kanti indlela yokufinyelela lapho wukuthi umengameli wezwe ashenxe esikhundleni," esho.

Ukuphawula kukaMashatile kuza njengoba kulindeleke ukuthi iTop 6 ye-ANC, iholwa nguCyril Ramaposa, ihlangane noZuma kule mpelasonto ukumcela ukuthi agudluke esikhundleni.

OLUNYE UDABA: Amaqembu aphikisayo anokuzethemba ngolokuketula uMengameli Zuma

UMashatile uphinde watshengisa izinkomba zokuthi ubuholi benhlangano bungaphansi kwengcindezi, kulandela umhlangano weNational Working Committee [NWC] ngasekuqaleni kwaleli sonto.

INews24 yabika ngasekuqaleni kwesonto ukuthi amalungu e-NWC anxenxe ukuthi iTop 6 "imqonde ngqo" uZuma imtshele ukuthi ehle esikhundleni, kanti abanye bamile kwelokuthi kumele ahambe ngaphambi kwenkulumo yokuvulwa kwePhalamende ngoLwesine oluzayo.

Umthombo ongaphakathi uthi i-NWC inxenxe ukuthi iTop 6 ibuye izoyibikela ukuthi uhambe kanjani umhlangano noZuma.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.