UZuma kumele avele enkantolo ngaphambi kwenkomfa kaDisemba - DA

2017-10-13 18:00

Pretoria – UMengameli Jacob Zuma kumele avele enkantolo ukuze abhekane namacala enkahlakalo abekwe wona ngaphambi kokuba i-ANC iye engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoDisemba, kusho i-DA ngoLwesihlanu.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi iNkantolo yokuDluliswa kwamaCala isichithile isicelo seNational Prosecuting Authority (NPA) noZuma esakhishwa yiNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng ngonyaka odlule esathola ukuthi isinqumo se-NPA sokuhoxisa amacala ayebekwe uZuma - sasingacatshangasiswanga kahle.

La macala angu-18 abekwe uZuma ake ahoxiswa ngo-2009, ngaphambi nje kancane kokuthi afungiswe njengomengameli, kepha i-DA ibilokhu ilwe njalo ukuthi aphinde abekwe la macala.

OLUNYE UDABA: Isiswele umgodi wokucasha manje i-ANC, kusho i-UDM kolwamaSpy Tapes

Ekhuluma esithangamini sabezindaba ePitoli kulandela isinqumo senkantolo sangoLwesihlanu, lowo oyilungu le-DA ePhalamende uJames Selfe uthe i-DA izoqinisekisa ukuthi uZuma ushushiswa ngokushesha.

"Silindele ukuba ashushiswe ngokushesha, ngaphambi kwenkomfa yokukhethwa kobuholi," kusho uSelfe.

Umholi we-DA uMmusi Maimane uthe uzobhalela iNhloko ye-NPA uShaun Abrahams, egcizelela ukuthi uZuma unikezwa amaphepha amyalela ukuba avele enkantolo ngokushesha.

"U-Advocate Abrahams kumele asinikeze impendulo zingakapheli izinsuku eziyishumi. Amacala asebekiwe futhi nobufakazi bukhona. Okusele manje yilanga lokuqulwa kwecala," kusho uMaimane.

Uthe kulandela lesi sinqumo yonke into isihleli obala manje.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.