UZuma kuthiwa usetshele nabaholi be-ANC ukuthi uzoxosha uGordhan

2017-03-28 16:18

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma kubikwa ukuthi usetshele abaholi abaphezulu abayisithupha beqembu elibusayo, i-ANC, ababizwa ngeleTop 6 (okuhlanganisa noZuma) ukuthi uphezu kwezinhlelo zokuxosha uNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan.

Isiteshi sikamabonakude sezindaba, i-ANN7, sibike ngoLwesibili ukuthi uZuma utshele lobu buholi be-ANC ukuthi uhlose ukuthi amsuse uGordhan njengoNgqongqoshe wezeziMali.

I-ANN7 iphinde yabika nokuthi lowo owayeyisikhulu esiphezulu sakwa-Eskom, uBrian Molefe, angeke athathe izintambo kuGordhan njengoNgqongqoshe wezeziMali.

OLUNYE UDABA: UZuma usolwa ngokuthunaza isithunzi sezwe ebuyisa uGordhan phesheya

Lokhu kuza njengoba kulokhu kukhule njalo ukuqagula ngokuguqulwa kweKhabhinethi okungase kwenziwe nguMengameli Zuma.

UGordhan ubesemahhovisi ayikomkhulu le-ANC, iLuthuli House, ngoLwesibili ekuseni.

NgoMsombuluko (izolo), uZuma uyalele uGordhan, uSekela Ngqongqoshe wezeziMali, uMcebisi Jonas, kanye noMqondisi Jikelele eHhovisi loMgcinimafa, uFuzile Lungisa, ukuthi babuyele eNingizimu Afrika, ngemuva nje kosuku olulodwa bethathe indiza ebheke e-UK njengengxenye yemihlangano yabo ewuchungechunge yokuheha abatshali bezimali.

La baholi abayisithupha abaphezulu be-ANC bahlangane ngoMsombuluko ebusuku.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini namhlanje (ngoLwesibili) iBloomberg ibike ukuthi uZuma uye watshela abaholi be-SACP ukuthi uhlela ukuxosha uGordhan. Okungenani abantu abathathu abanolwazi ngalolu daba baqinisekise lokhu kuBloomberg.

UGordhan ubuyele kuleli ngoLwesibili ekuseni. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.