UZuma ucela umhlangano neCosatu ngemuva kokucelwa ukuthi ehle

2017-04-04 18:03

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma usecele umhlangano nomfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu, kulandela ikhwelo layo nalapho ibimnxusa khona ukuba abeke phansi izintambo.

UMengameli weCosatu, uS'dumo Dlamini, utshele izintatheli ukuthi uZuma umshayele ucingo ngoLwesibili ecela umhlangano nabaholi beCosatu.

Uthi yize noma ekubonga ukubaluleka kwalesi sicelo somhlangano, kodwa ubenethemba lokuthi uZuma uzobathinta ngoLwesine kusihlwa ngenhloso yokubhunga neCosatu ngaphambi kokuthi amemezele ukuhlela kabusha iKhabhinethi.

OLUNYE UDABA: Lilokhu lehle njalo irandi uMzansi wehliselwa esigabeni esiphansi somnotho

ICosatu ibinesithangami nabezindaba kulandela umhlangano wayo weCentral Executive Committee (CEC) ngoMsombuluko.

Phakathi kwezinye zezinto obekubhungwa ngazo kubalwa isinqumo sikaMengameli Zuma sokuhlela kabusha iKhabhinethi, ukwehliselwa esigabeni esiphansi kwezinga lomnotho waseNingizimu Afrika, nokwenziwe yisikhungo iStandard & Poor's, kanjalo neziphakamiso zokuthi uZuma asule, kusho uNobhala Jikelele weCosatu, uBheki Ntshalintshali.

UNtshalintshali uthi umhlangano we-CEC uthathe isinqumo sokuthi uZuma abeke phansi izintambo.

Ubalule ukugxambukela komndeni wakwaGupta eHhovisini likaMengameli, isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo eyathola ukuthi uZuma uphule uMthethosisekelo kanye nokuxolisa kwakhe okwalandela njengezizathu zokuthi abeke phansi izintambo.

“Isikhathi sesishayile sokuthi ehle esikhundleni bese evumela izwe ukuba liholelwe phambili ubumbano olusha ezingeni likahulumeni. Asisakholelwa ebuholini bakhe…” kusho uNtshalintshali.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.