UZuma ugxeke ukubulawa komndeni eKZN

2017-10-06 11:00

Pretoria – UMengameli Jacob Zuma usenxuse abezomthetho ukuba basebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi bayaboshwa labo ababulale amantombazanyana ayisithupha nabesifazane ababili asebekhulile eKZN.

UZuma ngoLwesine ebusuku ukugxekile ukubulawa kwalaba besifazane bomndeni owodwa. Isigameko senzeke ngoLwesibili ebusuku ngezithuba zabo-21:00.

“Lesi senzo esishaqisayo nesiwubulwane sokuhlaselwa kwabesifazane abangakwazi ukuzivikela singukwephula ilungelo lomuntu lokuphila elikuMthethosisekelo. Ngidumele kakhulu ngalesi senzo esinesihluku esingaka,” kusho uZuma esitatimendeni.

UZuma udlulise amazwi enduduzo emindenini nasezihlotsheni zezisulu, wafisela abalimele ukwelulama okusheshayo.

Abantu abahlanu, okubalwa kubona owesifazane oneminyaka engu-60 ubudala kanye namantombazanyana aneminyaka ephakathi kwemibili kuya kwengu-16 ubudala, babulawe besendlini eyodwa.

OLUNYE UDABA: Kubulawe ebebedubulana namaphoyisa eKZN

Esinye isisulu, owesifazane oneminyaka engu-58 ubudala, utholakale kwenye indlu eshonile ngemuva kokudutshulwa.

Izingane zamantombazane ezimbili ezazilapho zashonela esibhdlela. Naleyo ndlu yashiswa nayo, ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseKZN uCaptain Nqobile Gwala.

Amaphoyisa avule amacala angu-8 okubulala kanye nelokuzama ukubulala.

"Umuntu oyedwa usasesimeni esibucayi esibhedlela ngemuva kokusha,” esho.

UZuma uthi labo abathintekayo kumele babhekane nengalo yomthetho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.