UZuma ujube ithimba eliyisipesheli elizoya eZimbabwe

2017-11-15 18:00

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma, onguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC), uthathe isinqumo sokuthumela ithimba eZimbabwe kulandela imibiko ngemizamo yokuketulwa kukahulumeni kaMengameli Robert Mugabe.

Ithimba, elizoqala e-Angola, lizobe liholwa uNgqongqoshe wezokuVikela uNosiviwe Mapisa-Nqakula nowezokuPhepha koMbuso uBongani Bongo.

"Ithimba eliyisipesheli lizoqala eRepublic of Angola ukubona uMengameli Joao Lourenco, ongusihlalo we-SADC Organ on Politics, Defence and Security limazise ngesimo,” kusho ihhovisi likaMengameli esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: UZuma ugxeka ukuketulwa kukahulumeni eZimbabwe

UMugabe nomndeni wakhe bagadwe ngamasosha emzini wabo kanti ekuseni kubikwe ukuthi amasosha athathe izintambo enhlanganweni esakazela umphakathi.

UMengameli Zuma uthe ukhulumile noMugabe omazise ukuthi uvalelwe endlini kodwa uphephile.

INingizimu Afrika iphinde yadalula ukuthi ixoxisana nombutho wezokuVikela eZimbabwe.

Kuneminye imibiko eveza ukuthi lowo obeyiSekela likaMugabe oxoshiwe, u-Emmerson Mnangagwa nguye ozothatha izintambo zokwengamela izwe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.