UZuma ukhala ngamabhange angu-4 azenzela umathanda emnothweni

2017-02-10 11:01

Cape Town – UMengameli Jacob Zuma usegxeke amabhange amane amakhulu kuleli athi yiwona ashaya isicathulo ekulawulweni komnotho wezwe, nokuyisitatimende asenze ngemuva kwamahora ambalwa nje ethule inkulumo abeyibhekise esizweni, iState of the Nation (SONA) ngoLwesine kusihlwa.

“Uma ngabe unamabhange amane – lawa amakhulu – futhi athatha yonke into; awafuni ukuthi wena wenze noma yini,” usho kanjena ohlelweni lweSABC, iMorning Live, noluxhaswe yiphephandaba labakwaGupta, iThe New Age.

OLUNYE UDABA: I-EFF ifuna kudingidwe udaba lukaZuma, angakhulumi uMengameli

UZuma uthi amabhange aphatha abantu abamnyama ngendlela engenabo ubulungiswa ngenxa yokuthi abanazo izinto abangabambisa ngazo uma beboleka imali emabhange.

“Isikhathi sesifikile, kumele sikwazi ukubhekana nomnotho ngezinga elinobulungiswa,” kusho uZuma.

Amabhange amakhulu kuleli u-Absa, uStandard Bank, uFNB kanye noNedbank.

“Empeleni sivimbela impumelelo yomnotho ngenhloso ngokwenza abantu abambalwa kuphela balawule umnotho.

“Ngitshelwa yilabo abenza ibhizinisi ukuthi kwesinye isikhathi baze (amabhange) bathathe imibono yakho (yamabhizinisi) bese beyayisebenzisa ngoba banemali,” kuqhuba uZuma.

UMengameli uthi kumele siguqulwe lesi simo ukuze amathuba omnotho kwabelwane ngawo kubo bonke abantu.

“Awukwazi ukuba nomuntu ocebe ngokwedlulele bese uba nomuntu olambe ngokwedlulele ezweni. Likhulu kakhulu igebe,” kwengeza uZuma. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.