UZuma ukhala ngezitha esezizame ukumdlisa kathathu – Umbiko

2016-11-30 11:30

Johannesburg – Kubikwa ukuthi uMengameli weqembu elibusayo, i-ANC, futhi ophinde abe nguMengemeli wezwe, uJacob Zuma, ukhale kakhulu ngezitha zakhe ezimakhela uzungu lokumbulala, kubika iThe Citizen.

Kuthiwa lokhu kuvele emhlanganweni odonse izinsuku ezintathu weNational Executive Committee ye-ANC, obusePitoli, nalapho amanye amalungu eKhabhinethi kaZuma eye aphakamisa ukuthi i-NEC imhoxise esikhundleni okukanye azisulele yena.

OLUNYE UDABA: UMantuli-Zuma ezinsolweni zokufakela umengameli ushevu

Nokho uZuma ukwazile ukuphunyula emlonyeni wengwenya njengoba i-NEC igcine inqume ukuthi iyabuthemba ubuholi bakhe njengoMengameli we-ANC kanye noMengameli wezwe.

Ngokombiko weSowetan, imithombo eyahlukene ebiphakathi kulo mhlangano ithi uZuma ukhulume ngetulo lokumdlisa eliqhutshwa yizitha zakhe, yize noma engazange adalule amagama abantu.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka ka-2014, omunye wamakhosikazi kaZuma wasolwa ngokumdlisa nokwaholela ekutheni axoshwe emzini kaMengameli oseNkandla .

Kuwo lo mhlangano, ochazwe “njengobushubile”, kubikwa ukuthi uZuma utshele amalungu esigungu esiphezulu se-ANC ukuthi ngeke aze asule esikhundleni ngoba lokho kuyofana nokuziletha ezitheni njengoba ekholwa ukuthi kukhona abamfuna esejele. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.