UZuma usola abasemazweni angaphandle ngemizamo yokumketula

2017-05-29 11:02

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma uphinde waphunyula emizamweni yamanye amalungu esigungu esiphezulu e-African National Congress (ANC) okumketula, ngokombiko wamalungu amathathu eNational Executive Committee (NEC).

Enkulumweni yakhe yokuvala umhlangano wezinsuku ezintathu, uZuma ukubeke kwacaca ukuthi angeke aze ehle esikhundleni, ngokusho kwelinye lamalungu eNEC.

Ube esesola abesemazweni angaphandle ngokuthi yibo kanye laba abaphehla le mizamo yokumkethula waphinde waxwayisa ngokuthi singaphinde senziwe isiphakamiso sokuthi ehle esikhundleni, kusho lesi sikhulu.

OLUNYE UDABA: UZuma 'wesabise ngokukhuluma uma abe-ANC beqhubeka nokumcasula'

Ikomiti lesigungu esiphezulu se-ANC linqume ukuthi kungavotwa ngesiphakamiso sokungamethembi uMengameli, ngokwamalungu aleli komiti, acele ukuthi angadalulwa ngoba awavunyelwe ukukhuluma emphakathini ngalolu daba.

UZuma, 75, kungenzeka aphinde aphunyule uma sekuvotelwa isiphakamiso sokungamethembi ePhalamende nesesekwa amaqembu aphikisayo, kungakhathalekile ukuthi iNkantolo yoMthethosisekelo iyawukhipha yini umyalelo wokuthi kuvotwe ngokuyimfihlo noma cha. Lokhu kungenxa yokuthi amaLungu ePhalamende angamalungu e-ANC enza u-62% wezihlalo ezingu-400 ePhalamende.

Omunye umthombo utshele iNews24 ukuthi uZuma usabise kabi labo abebephikisana naye ukuthi bangalinge “bamphushe kakhulu”. “Ubecasuke kakhulu. Bengiqala ukumbona ecasuke kanje,” kusho umthombo obungaphakathi emhlanganweni wesigungu esiphezulu.

“Bengilokhu ngithule ngoba angifuni ukulimaza i-ANC, ngakho qhubekani nokungihlasela kwabezindaba futhi nizobona,” uZuma ucashunwe esho kanjalo kwi-NEC.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.