UZuma uthi abadedelwe abadlali bePSL uma befunwa awase-Europe

2017-01-18 11:31

Cape Town – Inkakha yeBafana Bafana, uSibusiso Zuma, uthi amaqembu asesigabeni sePremier Soccer League (PSL) kumele angalokhu ebambezela abadlali uma ngabe sebefunwa amaqembu ase-Europe.

Engxoxweni ekhethekile neSport24, le nkakha yomdlali esineminyaka engu-41 ubudala ikhulume ngomdonsiswano oqhubekayo phakathi kweMamelodi Sundowns kanye nomdlali wayo uKeagan Dolly.

Kuyimanje amaBrazilians kanye nalo mdlali wasesiswini owayegijima ku-Ajax Cape Town banomdonsiswano wasenkantolo kulandela izinsolo zokuthi iDowns yatshintsha umbandela wokuthengwa kukaDolly enkontilekeni yakhe.

OLUNYE UDABA: Ubaba kaDolly ukhwele wadilika kuSundowns

Ngaphambilini ubaba kaDolly wadalula ukuthi babekade bevumelene ngo-R750 000 ngesikhathi lo mdlali ebuyela kuSundowns evela kuma-Urban Warriors.

Kodwa-ke imibiko iveza ukuthi iSundowns isifuna ukwenza itshe lemali ngalo mdlali njengoba kubikwa ukuthi isifuna ngaphezu kuka-R10m.

UZuma ukholwa ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala usekulungele ukudlala noma ngabe yikuphi emhlabeni njengoba efunwa amaqembu okubalwa kuwo awaseFrance, awaseGreece kanye nawase-England.

“Abadlali bethu bahlale bekulungele ukuhamba ngoba uma beke baba semgqigqweni… kufanele engabe kudala bahamba.

“Khumbula, basazofunda okuningi ngale (phesheya) ngakho banike lelo thuba ngesikhathi besebancane ukuze bafunde futhi babe ngcono,” kuqhuba uZuma engeza ngokuthi noKhama Billia weDowns, usekulungele ukudlala phesheya.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.