Johannesburg - Umengameli uJacob Zuma uthi akabaqndi abantu abamnyama abavotela iDemocratic Alliance (DA).
UZuma usho lesi sitatimende kwi-African National Congress (ANC) countdown yangokhetho lwangomhlaka-3 Agasti ebibanjwe ngoLwesithathu.
OLUNYE UDABA: UZuma uthi amaqembu aphikisayo awanazihlelo ngezwe lethu
Umengameli ubeseMarket Theatre lapho abethula khona inkulumo kosaziwayo, abaholi bamabandla nabaholi beqembu elibusayo.
Kwathatha i-ANC umlando, iminyanka nesipiliyoni ukubusa iNingizimu Afrika, kusho uZuma.
UZuma ukhumbuze izihlwele ngendima eyadlalwa yi-ANC ezingxoxweni zenkululeko esho nokuthi kungathi iningi selakukhohlwa lokho, kubika iSowetanlive.
Thola udaba oluphelele ku-www.bdlive.co.za.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter