UZuma uthi i-ANC izolunqoba nakanjani ukhetho ngo-2019

2018-03-12 09:32

Durban – Lowo owayengumengameli uJacob Zuma ukhulume wathi amaqembu aphikisayo ayogcina “ngokuyehlula ngezinhliziyo” i-ANC okhethweni.

Uthe “akanakho nokuncane ukungabaza” ukuthi uKhongolose uzodla umhlanganiso okhethweni luka-2019.

"Asinakungabaza ngalokho. I-ANC yinkulu futhi yesekwa ngabantu abaningi kuleli. Ayikho enye inhlangano engiyaziyo ekhona yonke indawo, ngaphandle kwe-ANC,” esho etshela abalandeli enxanxatheleni yezitolo iBridge City, KwaMashu, enyakatho yeTheku ngeSonto.

“Ngiyazi ukuthi abantu abaningi bayihambela phambili i-ANC. Labo yilabo abayihlula ngezinhliziyo,” esho.

UZuma ugcizelele ekutheni usazoqhubeka nokuvotela i-ANC.

OLUNYE UDABA: Ngeke sixoshe muntu ofuna ukukhankasela i-ANC, ngisho noZuma imbala - Mbalula

“Abanye bethu amavoti ethu kawayona imfihlo. Asiwafihli, sivotela i-ANC. Ngingavota naphambi kwenu nonke, akuyona inkinga leyo,” esho.

Ukuhambela kukaZuma kuleliya lokishi bekuyingxenye yomkhakhaso we-ANC wokugqugquzela abantu ukuba bayobhalisela ukuvota ngokhetho lwangonyaka ozayo.

Ubephelezelwe ngabaqaphi bakhe kulolu hambo.

Ngesikhathi ehamba kule nxanxathela, uZuma ubenikeza abantu amapheshana achaza nge-ANC waphinde wabingelela abathengi nabasebenzi.

Uphinda wathatha izithombe nabantu abebebonakala bekuthokozele ukubona uZuma ubuso nobuso.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.