UZuma utshele iKhabhinethi ukuthi akanamuzi eDubai

2017-06-08 18:00

Cape Town – UMengameli Jacob Zuma usetshele iKhabhinethi ukuthi akanawo umuzi eDubai.

ISunday Times ishicilele umbiko osola ukuthi ama-emails akamuva aputshukile aqinisekisa ukuthi isithabathaba somuzi obiza u-R330m esathengwa umndeni wakwaGupta ngonyaka ka-2015 sasithengelwe uMengameli Zuma.

Lesi sithabathaba, esisendaweni yomtakabani ewubukhazikhazi e-Emirates Hill, sishaya ngamagumbi okulala angu-10, amagumbi okugezela angu-13, amagumbi angu-9 okwamukela izivakashi, indawo yezimoto ezingu-11 kanye nedamu elikhulu lokubhukuda elinkankwe yizihlahla. Isendaweni eyodwa nendlu kaGrace Mugabe, ongunkosikazi kaMengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe.

OLUNYE UDABA: Sishiye esingalazi ngoZuma isikhulu esiphezulu se-ANC

IKhabhinethi ihlangane ngoLwesithathu, kwathi ngoLwesine ekuseni, uNgqongqoshe wezokuxhumana, u-Ayanda Dlodlo wethule isitatimende seKhabhinethi.

“IKhabhinethi isiqaphele ngokukhulu ukukhathazeka imibiko yabezindaba “ngama-emails aputshukile’ enziwe ngokwamanga ukucaphazela ongqongqoshe, izikhulu kanye nabantu abazimele ezinsolweni zokungenzi kahle,” sifundeka kanjalo isitatimende.

“IKhabhinethi isalokhu izinikele ngokuphelele ekuphatheni okuhle futhi, ngesikhathi esifanayo, iphinde iqaphele ukuthi bonke abantu bathathwa njengabamsulwa kuze kube baqinisekiswe njengabanecala ngokoMthethosisekelo.”

IKhabhinethi ithi iyakuqonda ukuthi kunamacala asevuliwe yabe isinxusa wonke umuntu onolwazi ngezenzo zobubi ezenziwa yizikhulu zikahulumeni ukuba azise abezomthetho.

“UMengameli Jacob Zuma usezichithile izinsolo ezashicilelwa yiphephandaba langesonto ukuthi unomuzi eDubai, e-United Arab Emirates."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.